Top Stories

Ofuna ukushiya iSundowns wethulwe iqembu laseSpain

ULucas Ribeiro ubonakale okokuqala eqenjini lakhe iCultural Deportiva Leonesa yaseSpain esigabeni sesibili emethule emphakathini nakubezindaba namhlanje ngoLwesihlanu ntambama. Kuzokhumbuleka ukuthi le nsephe yaseBrazil inomdonsiswano neMamelodi Sundowns engafuni ukumdayisela iqembu ebona ukuthi incane. URibeiro useze wayoceba iSundowns kwi-FIFA Tribunal ngoba efuna ukuthi akhululwe ayojoyina iqembu alithandayo. Nokho iSundowns ishaya phansi ngonyawo ithi lo mdlali usanenkontileka yeminyaka […]

Ofuna ukushiya iSundowns wethulwe iqembu laseSpain Read More »

IPirates isichithe abanye ngoMofokeng

I-ORLANDO Pirates seyiphinde yachitha iqembu lase-Russia iFC Akron Tolyatti elifuna uthuli isihlabani salo uRelebohile Mofokeng, nokuthiwa isibeke etafuleni u- $1.5 million (R26m). Akulona leli qembu lase Russia kuphela esekuvele ukuthi lifuna uMofokeng njengoba sekuvela amagama e-Al-Ettifaq yaseSaudi Arabia, Maccabi Haifa neMaccabi Tel Aviv okumaqembu ase-Israel neMinnesota United yase-United State of America. Njengoba iPirates ichitha lezi

IPirates isichithe abanye ngoMofokeng Read More »

Kuzohlonishwa uMshengu wamaMbazo ePlayhouse

UMAKADEBONA ongumqondisi womdlalo wasesiteji i-Lion King uLebo M uzohlonipha umsunguli we-Ladysmith Black Mambazo uJoseph Shabalala osadlula emhlabeni kule nyanga yokubungaza iMvelaphi yeThu (Heritage Month). ULebo M uhlela idili likamkhipheni lomculo e-Durban Playhouse ngomhla ka 24. Yize uhlu lwabazonandisa ngalobo busuku lungakaqedelwa kodwa sekuvele amagama abantu abanjengo Minnie Dlamini, Nkosinathi Shabalala, Boity, Khuzani, Big Zulu nabanye

Kuzohlonishwa uMshengu wamaMbazo ePlayhouse Read More »

Bazofa uhleko kumdlalo wezidudla

KULINDELEKE bahleke baphathwe izisu abazohambela umdlalo wasesiteji iBigly Yuge elingiswa izidudla ePlayhouse Drama Theatre oqala kusasa  ngoLwesihlanu usongwe ngoMgqibelo. Lo mdlalo, onhloso yawo wukuqwashisa nokukhuza isihlava esibi sokucwaswa kwabantu abanomzimba owondlekile, okuvame ukuthi babekwe izici futhi babizwe ngamagama angemahle ngenxa yendlela ababukeka ngayo, ukhuza ibuya njengoba wagcina ukubukwa ngaphambi kokuhlasela kweCovid-19 ngo 2020. Ugabe ngabalingisi

Bazofa uhleko kumdlalo wezidudla Read More »

“Kulindwe uNew Year yini ngoMbokazi?-oweBafana Bafana

UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos ubona uMbekezeli “TLB” Mbokazi kumfanele ukuyodlala e-Europe. Lo mdlali waseHluhluwe we-Orlando Pirates udlale ingcwenga ngesikhathi iBafana ibambana ngo 1-1 neNigeria emdlalweni wokuhlungela i-FIFA World Cup 2026. UMbokazi uze waqokwa njengomdlali ovelele kanti nabalandeli baze bamupha izimbali ngemuva kwalo mdlao obuseToyota Stadium eBloemfontein izolo ebusuku. Ekhuluma ngemuva komdlalo uBroos uthe. “Mhlawumbe

“Kulindwe uNew Year yini ngoMbokazi?-oweBafana Bafana Read More »

SIGXEKIWE isenzo sesilomo somsakazi ophinde abe yi-influencer uPenny Ntuli sokuzishutha nomngani wakhe befequza emgaqweni ophithizelayo kudlula amaloli nezimoto.

Kube nokuphithiza ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kubonakala lo msakazi weJozi FM egila lomkhuba I-Road Traffic Management Corporation (RTMC) isigxekile lesi senzo yathi singase siphazamise abashayeli futhi sibeke abashayeli kanye nabo engozini. I-RTMC iwukhuzile lo mkhuba yathi abantu abawuyeke ngoba benzela ukukhuphula izinombolo zokulandelwa ezinkundleni zokuxhumana. Ithe akukho emthethweni ukuthi abantu abahamba ngezinyawo bahambe kuthelawayeka kanti-ke eyokuziphatha

SIGXEKIWE isenzo sesilomo somsakazi ophinde abe yi-influencer uPenny Ntuli sokuzishutha nomngani wakhe befequza emgaqweni ophithizelayo kudlula amaloli nezimoto. Read More »

Usebenza nokhonkolo owePirates ngaphambi kwefayinali

 USENQUME ukusebenza egodle ukhonkolo umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, njengoba ezakhe zilungiselela owangoMgqibelo wamanqamu weMTN8 neStellenbosch FC eMbombela Stadium ngoMgqibelo. Kuzokhumbuleka ukuthi lo mqeqeshi waseMorocco ulimale engozini yemoto iqembu lisuka emdlalweni wakamuva weBetway Premiership lapho behlule khoa neChippa United ngo 3-0 ngo-Agasti 31. U-Ouaddou walimala nabanye abePirates ngesikhathi bethi basiza abantu abashayisene emgaqweni kanti kuzoqhamuka

Usebenza nokhonkolo owePirates ngaphambi kwefayinali Read More »

Umjolo umoshe umshado wosaziwayo

SELIGQABUKILE ifindo lomshado phakathi komculi uMnqobi “Shota” Shoba nomkakhe ongumlingisi uPhumeza abeseshade naye iminyaka engu-11. Ngokubika kweSunday World uPhumeza ufune ukuphuma emshadweni ngenxa yezinsolo zokuqoywa kukaMnqobi owaduma eqenjini ekwakuthiwa iShana eyayino-DJ Black Coffee. Ngokomthobo waleli phephandaba elidume ngokubika ngamanyundulula osaziwayo, uPhumeza uxoshe uMnqobi endlini yabo ngoJuly kanti manje umatasa nabameli bakhe ngendaba yokuqedela amaphepha okudivosa.

Umjolo umoshe umshado wosaziwayo Read More »

ILesotho isabisa iBafana ngaphambi komdlalo namhlanje.

ILESOTHO Football Association seyisabise iBafana Bafana ukuthi izofaka isimangalo uma izodlalisa uTeboho Mokoena emdlalweni wala mazwe wokuhlungela i-2026 FIFA World Cup eToyota Stadium e-Bloemfontein namhlanje ngo 6pm ngoLwesihlanu. ILesotho bekumele idlale ezweni layo kodwa ngenxa yokuthi ayinayo inkundla esesimweni esidingwa i-CAF ne-FIFA yathuthela kuleli. ILesotho ithi kwakungamele uMokoena adlale nabo ngesikhathi kubhekenwe e-New Peter Mokaba

ILesotho isabisa iBafana ngaphambi komdlalo namhlanje. Read More »

Owadumo ku-Zalo ukhala ngokushaywa ngesitini umngani ngomyeni wakhe.

Umlingisi owazakhela igama kuZalo, edlala indawo kaMhlengikazi uRuth, uFezeka Mchunu, usola umlingisi owazakhela igama kwi-Adulting yakwi-Showmax, neScandal, Londeka Sishi, “ngokumshaya ngesitini”. Uthi umthathele umyeni wakhe abeshade naye nababusiswe ngezingane ezimbili, uSabelo Majozi, abesethandane naye iminyaka engu-16. Ezipehendulela uLondeka uthe uFezeka usenga ezimithiyo, makaveze incwadi yomshado efakazela ukuthi bebeshadile. UFezeka ubhale kwi-instagram ukuthi ubesekhathele ukuthula nale

Owadumo ku-Zalo ukhala ngokushaywa ngesitini umngani ngomyeni wakhe. Read More »

Scroll to Top