Uthi abantu abaningi uma bebuka yena, babona sengathi zonke izinto zihamba kahle, kanti naye unazo izinkinga.
Lokhu ukusho ngesikhathi kunomcimbi iPhinifa on Fleek, obuhlelwe iPodcast Affirmation, wokubhoboka ngokuchazwa iphinifa,eMhlanga eThekwini.
“Ngikhule ngingenaye umzali, ngikhuliswa yilowo wesifazane osibheka uma bethola ithuba. Bekunzima ukukhula engekho umama kodwa ukungabi khona kwakhe, akuzange kungenze ngibe umhlambi uzelusile,” kusho uMashudula.
Uveze ukuthi ukungabi naye umama, yikona okwenze wakhuthalela ukwenza kahle nokuziphatha.
“Iphinifa kumina lingikhumbuza laba besifazane, abebegqoka iphinifa bezosibheka, sangazwela kakhulu ukuthi asinaye umama,” kusho yena.
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
#PodcastAffirms









