UMSOLWA WESITHATHU WAYEKA KELLY KUBULAWA UMEYIWA

Liseyinzukayikeyi icala eliheha abantu abaningi eNingizimu Afrika, lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
Leli cala eliqhubekayo, ezakamuva njengoba lisenkantolo, ziveza ukuthi umsolwa wesithathu uMthobisi Mncube, nakuba ephika ukuthi wayeseVosloorus kodwa ucwaningo lobuxhakaxhaka be cellphone, bukhomba ukuthi izingcingo ezenzeka phakathi kwabo nomsolwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli, zenzeka kuyona le ndawo.


Lokhu kuvezwe ufakazi wenkantolo ingcithabuchopho yezobuchwepheshe nobuxhakaxhaka bokucutshungulwa kwamakhalekhukhwini, uGideon Gouws.

UGouws phambilini uke wabuthula ubufakazi, ngezincingo ezintathu ezenziwa phakathi kukamsolwa wesithathu nomsolwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli, ngosuku lokubulawa kukaMeyiwa ngo-Okthoba ngonyaka ka-2014.
Kuthiwa lezingcingo zikhomba ukuthi zenziwa eVolsoorus.

#PodcastAffirms

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top