May 2024

I–DA NETHEMBA LOKUPHENDUKA KWAMATAFULA

Wonke amehlo athe njo kwimiphumela yokhetho luka-2024 njengoba kusaqhubeka nokubalwa kwamavoti, kuze kube ikhomishini eyangemele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC) iyaphothula. Umholi we-Democratic Alliance (DA) uMnuz John Steenhusen usephumele obala ngokuthi, kunenhlansi yethemba ngeqembu lakhe.Ngemuva kokuphothulwa ukubalwa kwamavoti angu-68.57% iqembu le-DA lisathole amavoti angu-22.57% kwimiphumela kazwelonke.Lokhu kuvele ngesikhathi lo mholi ekhuluma nenhlangano yezindaba i-South […]

I–DA NETHEMBA LOKUPHENDUKA KWAMATAFULA Read More »

UMOKONYANE UTHI I-ANC IZOBEKA IZWE PHAMBILI KWEYOMSHADO

Iphini likaNobhala we-African National Congress (ANC ) kuzwelonke, uNkk Nomvula Mokonyane uthi, i-ANC izobeka eqhulwini izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika, uma ithatha isinqumo sokubusa ngokubambisana namanye amaqembu epolitiki.Ngenkathi kusaqhubeka amalungiselelo okhetho luka-2024, i-ANC iphumela obala ngokuthi ayikho ezinhlelweni zokubusa ngokubambisana namanye amaqembu ngesikhathikunesithangami sabezindaba, esikhungweni sakwa-Independent Electoral Commission (IEC), lapho okuqhubeka khona ukubalwa kwemiphumela yokhetho,UMokonyane uphumele

UMOKONYANE UTHI I-ANC IZOBEKA IZWE PHAMBILI KWEYOMSHADO Read More »

I-MK ISAZIHOLA PHAMBILI NGEMIPHUMELA E-KZN

UMkhonto weSizwe Party (MK ), isalokhu iqengqelezile ngemiphumela yokhetho namanje, esakhishwe inhlangano eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC). Inhlangano ye-MK isazihola phambili eKZN 111 459 njengoba kuqhubeka ukubalwa kwemiphumela yokhetho, ishiya ngemuva i-ANC ngo- 50 529, i-Inkatha Freedom Party isele emuva-48 273. Ukubalwa kwemiphumela yokhetho kusaqhubeka. Isikhulu esiphezulu kwa-IEC KwaZulu-NataluNtombifuthi Masinga, imiphumela egcwele izokwethula ngokusemthethweni

I-MK ISAZIHOLA PHAMBILI NGEMIPHUMELA E-KZN Read More »

KUDUKE IBHOKISI ELINAMAVOTI EMHLATHUZE

Inhlangano ezimele eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), iphenya ngokuduka kwebhokisi eligcwele amavoti, eWadi 14 eMhlathuze KwaZulu-Natal. Lokhu kulahleka kwaleli bhokisi kuthiwa kwenzeke ngesikhathi lithuthwa esikhungweni, liyiswa lapho kubalwa khona.Kuvele ukuthi leli bhokisi lilahleke selibaliwe, njengoba bekunohlelo lokubala ezikhungweni. Ngokusho kuka Granville Abrahams we-IEC ekhuluma ne-NCA, ukuqinisekisile ukulahleka kwaleli bhokisi laku-Wadi 14 eMhlathuze, ngemuva kokususwa

KUDUKE IBHOKISI ELINAMAVOTI EMHLATHUZE Read More »

IMIPHUMELA YAKAMUVA

Inhlangana ye-ANC isalokhu ihamba phambili ngamavoti kulolu khetho lukaZwelonke obelungoLwesithathu, 29 May 2024. Okwanje lenhlangano ino 43.3%, nezihlalo ezingu 160, ilandelwe yi DA ngo 23.3% kuze iMK Party eno 10.8%, izihlalo ezingu 58 ephalamende, kulandele i-EFF ngo 9.6% nezihlalo esingu 38 elandelwa yi Patriotic Alliance ngo 2.8% nezihlalo ezingu 9 namanye amaqembu.. Iqembu leMK lithusa

IMIPHUMELA YAKAMUVA Read More »

UMANTASHE UTHUSWA UKUFOLOSA PHAMBILI KWE-MK PARTY E-KZN

USihlalo KlkaZwelonke we-African National Congress (ANC) uMnuz Gwede Mantashe uthi, kuyamethusa ukuhamba phambili kwenhlangano uMkhonto weSizwe (MK) esifundazweni KwaZulu-Natal(KZN) . Lo mholi we-ANC uveze ukuthi unethemba lokuthi iqembu lakhe lizokwenza kangcono kwezinye izifundazwe. “kusabahambela(MK) kahle eKZN, ngeke ngikufihle ukuthi ngisamangele njengoba ngokwenza kahle kwabo (MK) kulesifundazwe(KZN) kodwa lokhu ngeke bakwenze kwezinye izifundazwe ezifana nase-Eastern Cape

UMANTASHE UTHUSWA UKUFOLOSA PHAMBILI KWE-MK PARTY E-KZN Read More »

UMKHWANAZI UHOLE ITHIMBA LAMAPHOYISA EBELIHLOLA EZOKUPHEPHA

Umkhuzi wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal (KZN) uKhomishana Nhlanhla Mkhwanazi useveze ukuthi bengamaphoyisa basajabula ngesimo sezokuphepha, njengoba kuqhubeka ukhetho lukazwelonke.Lokhu kuvele ngesikhathi kunesithangami sabezindaba, eHoy Park, eThekwini. Lomkhuzi wamaphoyisa uhole ithimba lamaphoyisa ebelibheka izindawo ezithathwa njengezizinda zodlame. “ITheku belisimise kabi, besisola ukuthi singase sihlangabezane nezingqinamba. Izindawo esizihambele iHammarsdale, Ntshanga, KwaMashu, iPhoenix, uMlazi nasoThongathi. Zonke lezi zindawo sibone

UMKHWANAZI UHOLE ITHIMBA LAMAPHOYISA EBELIHLOLA EZOKUPHEPHA Read More »

OWE-MK USOLE I-ANC NGOKUKHANKASA ESIKHUNGWENI SOKUVOTA E-GLEBELANDS

Kusuke umsindo eGlebelands hostela, ngesikhathi amalunga eqembu uMkhonto weSizwe (MK)ebhekana namalunga e-African National Congress(ANC). IMK ibisola i-ANC ngokukhankasa ngezikibha kubantu ababekade bezovota kulesi khungo. Ekhuluma oyilunga le-Mk uMnuz Guy Malamba uthe, uKhongolose uphula umthetho weKhomishana eyangamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission(IEC) onqanda amaqembu ukuthi angakhankasi ngaphakathi ezikhungweni zokuvota. “Sifuna ukwazi ukuthi abasebenzi bakwa-IEC lana ngaphakathi

OWE-MK USOLE I-ANC NGOKUKHANKASA ESIKHUNGWENI SOKUVOTA E-GLEBELANDS Read More »

UMHOLI WE-EFF UKHALA NGOKUHAMBA KANCANE KOLAYINI

UMalema (Julius) ongumholi we-EFF ukhale ngokuma kulayini amahora amane elinde ukuvota. UMalema ubevota elokishini lakhe iSeshego, eBonakeng, eLimpopo. Uthe akafuni ukuphakanyelwa ngokuthathwa ayiswe phambili. “Ngifuna ukuzwa lokho okuzwiwa abanye abantu, siyafana nabanye abantu, akukho okuhlukile ngathi, ngakhoke ukuma kulayini kuze kuphele amahora amane, kuveza ngokusobala ukuthi ungomunye wabo,” kuchaza uMalema. Ebuzwa ukuthi angakuthokozela yini ukuba

UMHOLI WE-EFF UKHALA NGOKUHAMBA KANCANE KOLAYINI Read More »

I-ACP INXUSA UKUTHI KUVOTELWE UMENGAMELI WESIFAZANE

UDkt Senathi Fisha onguMengameli we-All Citizens Party (ACP), ushayele esokugcina isipikili, ngemuva kokuvota kwakhe, lapho ekhuthaze abavoti ukuthi bavotele yena.UDkt Fisha ongomunye wabantu abangu-27 million ababhalisele ukuvota kuleli, uphinde wakhumbuza abantu, ukuthi ivoti labo eliyogudluza labo mengameli besilisa kufakwe owesifazane.Uthi sekufanele kuqoshwe umlando, ngokuthi kungene uMengameli wesifazane okokuqala emlandweni waseNingizimu Afrika. UMBIKO: ZETHU PHOSWA #PodcastAffirms

I-ACP INXUSA UKUTHI KUVOTELWE UMENGAMELI WESIFAZANE Read More »

Scroll to Top