UGONYULUKA NGEDODAKAZI YAKHE EYAYIZOSHADA NO-AKA UMOSES TEMBE

Uyise ka-Anele, uMnuz Moses Tembe ugonyuluka ngo-AKA owayethandana nendodakazi yakhe futhi ingumkhwenyana kuyena njengoba zasezivele ziqalile izingxoxo zamalobolo.

Kuze kube imanje akekho osaboshiwe ngokufa kuka-Anele okuthiwa waziphonsa phansi ebhilidini elithile eKapa kanti wagcina ukubonakala ehamba no- AKA naye obulawe ngase Wish, eMorningside, eThekwini ngo-April wonyaka odlule 2023.

Lapha uTembe uchaza ngendlela ayemthanda ngayo u-AKA owayengumculi weHip Hop. Uveza nokuthi babelindele ukuthi u-AKA abizwe azohlonywa ngemibuzo kwazise uyena owagcina ukubonakala no-Anele.

Asekhona amadoda ayisikhombisa aboshiwe ngokufa kuka-AKA. Amabili aseSwatini kulungiselelwa ukuthi abuye azoboshelwa kuleli laseNingizimu Afrika. Ngakolunye uhlangothi sekuphele iminyaka emithathu engekho oboshiwe ngokufa kuka Anele.

#PodcastAffirms

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top