
Indodana yowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, uDuduzane, ithi ayihambisani nesinqumo sakhe sokungenela ukhetho neqembu iMK Party ngenxa yeminyaka yakhe.
UDuduzane uveze lokhu engxoxweni ekhethekile ne-Independent Media eshicilelwe ngempelasonto.
UDuduzane uthe yize enguyise emthanda futhi ebukela kuye kodwa kumele abantu bakhumbule iminyaka yakhe.
“Ngokubona kwakhe bekungafanele ayiqale iMK Party,”kuchaza uDuduzane. UDuduzane, ovinjwe yi-IEC ukuthi angenele ukhetho ngenhlangano i-All Game Changers (AGC), uthe uyasihlonipha isinqumo sikaMsholozi noma engahambisani naso.
Eqhuba uthe ngeke abacele abalandeli bakhe ukuthi bavotele iMK Party, kodwa kumele bazikhethele ngoba okusemqoka kudingeka ushintsho. Iyonanto ebalulekile leyo.








