I-ACTION SA EKZN ITHI IZOWABOPHA AMA MILLIONAIRES ENKOHLAKALO

Umholi we-Action SA KwaZulu Natal, uMnuz Zwakele Mncwango uthi bona beza nesixazululo enkingeni yenkohlakalo ebhekene naleli laseNingizimu Afrika.

Ekhuluma kwaNongoma kwiHome Coming ebeyihambisana nokugubha kwakhe usuku lokuzalwa nokwethula ngokusemthethweni iManifesto eKZN, uMncwango uthe, abantu bepolitiki abathola izikhundla kumele babhekwe ukuthi bangene benjani kanti futhi impilo yabo seyihamba kanjani selokhu bengenile.

“Akukwazi ukuthi kuphele izinyanga eziyisithupha wena sewungusozigidi, abantu ababhekwe impilo abayiphilayo. Uma kutholakala ukuthi benza ubugebengu baboshwe,” kuchaza uMncwango.

Lomholi uthinte izinto eziningi okuhlanganisa Amakhosi, imisebenzi, ubugebengu nokunye. Namhlanje bebethula ngokusemthethweni iManifesto yabo eKZN, kwaNongoma.

Kuzokhumbuleka ukuthi umcimbi omkhulu abawenzile bewuseGoli, e-Ellis Park.

#podcastAffirms

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top